Izitha zempilo ephephile nengcono ziklewula aziphezi. Ofeleba bakhononda ngezinhlelo ezisobala zaloHulumeni wentando yeningi zokunqoba imithelela yesandulela-ngculazi nengculazi. Lezikhova zibubula emini kwa bha zizonda uHulumeni ngokunakekela abantu nakhu phela imingcwabo ezazitshakadula kuyo zigxeka uHulumeni isiyindlala.

Silapha nje, sonke singofakazi abaqandula ikhanda bemingcwabo eminingi eseyahlehla ngenxa yezinhlelo eziqavile nezinohlonze zikaloHulumeni wentando yeningi oholwa nguKhongolose zokulwa nokubhubha komphakathi waseNdumeni ngenxa yengculazi.

Wonke umuntu uyakwazi ukuhlolwa isimo-mpilo sakhe mahhala athole nosizo lokusimamisa impilo mahhala. Ababuthakathaka loHulumeni uyabondla ngezibonelelo ubathulele nezinsiza zokwelula impilo nokugwema ihlazo lokuhlukunyezwa yisandulela-ngculazi nengculazi.

Izinhlelo zokuqwashisa ngesandulela-ngculazi nengculazi zisabalele kuhle kwabathile bamaqembu aqembuka kuKhongolose ababhidlangile befuna ukulutha umphakathi ngokuvotelwa.

Iqhaza lendathane yezinhlaka ezibhekene ngqo nokusiza nokuqwashisa umphakathi liyatuseka. Imibhadlango yezigagayi eziqwashisa umphakathi ngengculazi iyancomeka.

Silapha nje namuhla sizohlakula kulendima yaseNdumeni ngakho ukuthunywa nguHulumeni wabantu ukuze umphakathi wonkana usimame, uphile impilo engcono.

Mphakathi waseNdumeni, sisempini yomzabalazo wokulwa nokubhebhetheka kwesandulela-ngculazi nengculazi. Ikusasa lomphakathi wonkana lisengcupheni uma singabambisani noHulumeni kwizinhlelo zokugwema nokulwa nesandulela-ngculazi nengculazi.

NGETHULA UMYALEZO ONEZIMBAXA EZIYISISHIYAGALOMBILI OTHI:
1. ZIHLOLE BO!!!
2. YIBA NONEMBEZA OQOTHO!!!
3. VALA NGCI!!! UZOPHILA!!!
4. XWAYA!!!
5. THOKOZA NGOKUPHEPHILE!!!
6. UTHANDO AKULONA UCANSI OLUNGAPHEPHILE!!!
7. ISALAKUTSHELWA SIBONA NGOMOPHO
8. MASIZABALAZE SONKE SIQUMBE PHANSI ISANDULELA-NGCULAZI NENGCULAZI.
ZIHLOLE BO!!!

Kubalulekile kakhulu ukuthi wonke umuntu abenolwazi olucacile ngesimo-mpilo sakhe. Yazi ukuthi uphephe kangakanani kwisandulela-ngculazi nengculazi. Yazi kusenethuba lokusinda ekufeni okunehlazo ukuthi uphila ngempela na noma sekonakele.

ZIHLOLE BO!!!

YIBA NONEMBEZA OQOTHO!!!

Thembeka kuwena uqobo nakulowo omthandayo.
Gwema ukuzithola usungumkhunkuli ngenxa yocansi olubudedengu.
Gwema ukuzigweba intambo ngenxa yocansi olubudedengu.
Gwema ukuzisola ingunaphakade ngenxa yocansi olubudedengu.
Gwema ukwahlulelwa nenzondo ngenxa yocansi olubudedengu.

VALA NGCI!!!

Vala ngci zonke izintuba zokungena kwesandulela-ngculazi nengculazi emzimbeni wakho. UZOPHILA!!!
Vala ngci zonke izintuba zokuphuma kwsandulela-ngculazi emzimbeni wakho iyohlasela ihlukumeze omunye nomunye.

XWAYA!!!
Xwaya labo abanekhono lokugxeka izinhlelo nezinsiza zikaHulumeni zokulwa nesandulela-ngculazi nengculazi.
Xwaya labo abacabanga ukuthi izinkulumo zokulwa nesandulela-ngculazi nengculazi ziyihlaya nehlazo.
Xwaya labo abazinikele kwimpilo yocansi olubudedengu.
Xwaya labo abanekhono lokugwema ukuhlolwa ngesimo-mpilo sesandulela-ngculazi nengculazi.
Xwaya ukuze impilo yakho iphephe!!!

THOKOZA NGOKUPHEPHILE!!!
Thokoza uphile
Thokoza bathokoze abakuthandayo
Thokoza bathokoze obathandayo
Thokoza uphilile

UTHANDO AKULONA UCANSI OLUNGAPHEPHILE!!!

Mphakathi waseNdumeni, sekwanele ukuhaqwa yisandulela-ngculazi nengculazi ngenxa yobuhlongandlebe nobudedengu. Kanti siyobona ngani na ukuthi ISALAKUTSHELWA SIBONA NGOMOPHO???
Baholi bomphakathi waseNdumeni,
Zigagayi ezizinze eNdumeni,
Bafundisi baseNdumeni,
Mphakathi wonkana waseNdumeni,

MASIZABALAZE SONKE SIQUMBE PHANSI ISANDULELA-NGCULAZI NENGCULAZI.
VIVA ENDUMENI MUNICIPALITY, VIVA!!!